News Updates

INJABULO KWASKHEMELELE IMEYA UMDAKA YETHULA OMPOMPI ABAGELEZA AMANZI

injabulo kwaskhemelele imeya umdaka yethula ompompi abageleza amanzi

UYOMKHOHLWA ufile umphakathi waseSkhemele kwaLulwane kuward - 6 kwaMhlabuyalingana, uMeya ohola uMasipala wesiFunda uMkhanyakude uMhlonishwa Siphile Mdaka ibakhela ompompi okokuqala emlandweni eminyakeni engu-32 elakuleli lathola ukubuswa ngentando yeningi.
Kuqhume "ushezi" phakathi emgaqweni uDudula Road kuyo lendawo IMeya uMdaka ihambisana neLungu lePhalamende likaZwelonke, uMhlonishwa Dipuo Ntuli, yethula labo mpompi khona namhlanje ngoLwesihlanu. Ibe isinxusa umphakathi ukuba ungazidonseli amanzi uzifakele emagcekeni ngoba kuzophazamiseka amapayipi, yathembisa ngokuthi izobafakela yona.
Lo msebenzi uzalwa ukufakwa kwethangekazi elimumatha amalitha ayisigidi elakhiwe uMkhanyakude eScabazini khona eManguzi. Lona lidonsa amanzi kwisihlanzamanzi saseShemula esihlaza amanzi angu-27 million ngosuku.

injabulo kwaskhemelele imeya umdaka yethula ompompi abageleza amanzi 1

Emergency Numbers

Police

035 573 1088/1080 or 10111

Clinic

035 573 1082

Fire Department

035 573 1080

Ambulance

EMRS: 035 573 9200

Contact Us

Address

Harlingen No. 13433, Kingfisher Road, Mkuze, KwaZulu Natal, South Africa

Phone

(+27) 0355738600

Fax Number

+27355731094