
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo uBuciko namaSiko KwaZulu-Natal, uMhlonishwa Mntomuhle Khawula uthi akusekho ukujikela emva kwendlu ngoMkhosi WoMhlanga wanonyaka ozoba sesigodlweni seSilo uMisuzulu kaZwelithini, eMachobeni ngempelasonto yomhlaka-4 kuya ku-5 kuMandulo njengoba wonke amalungiselelo ebukeka emi ngomumo.
Lokhu kuvele emhlanganweni wezinhlaka zonke ebeziyingxenye yalo mhlangano obusemahhovisi kaMasipala eMkhanyakude namhlanje ngoLwesibili. Phakathi kwabebethamele lo mhlangano kubalwa, iNdlunkulu Nomzamo Myeni (oKaMdolomba) wasesigodlweni eMachobeni, uMntwana Thulani "Mnyovu" waseZibindini, amakhosi, onomehlo, abezokuphepha nabamele iminyango yonke ethintekayo.
UMntwana uThulani udalule ukubaluleka kwalo mkhosi waseNgwavuma njengoba wasungulwa iSilo esibuzile iNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu ngemuva kokunxuswa amakhosi akulesi sifunda ekhala ngezinga eliphezulu lokukhulelwa kwabafundi ezikoleni zaseMkhanyakude eminyakeni eyishumi eyedlule.
IMeya ehola uMasipala wesiFunda uMkhanyakude uMhlonishwa Siphile Mdaka isizwakalise ukuthakasela lo mkhosi kwazise wenzeka ngesikhathi sokuqala kwenyanga yezokuvakasha namagugu KwaZulu-Natal lapho osomabhizininisi abafufusayo bethola ithuba lokuxosha ikati eziko.
