
ICHOME uphaphe lwegwalagwala, iMeya uMhlonishwa Siphile Mdaka, iNkosi Mabhudu Tembe kwethulwa iphrojekthi iStar of the Sea eyethulelwe isizwe nomphakathi wonkana izolo ngoMgqibelo eManguzi ngaphansi kukaMasipala uMhlabuyalingana. INkosi uTembe itshele isizwe sayo ebesigcwalise ihholo lakomkhulu, ukuthi uMkhanyakude unenhlanhla yokuba nemeya efana noMagezane ewukhathalelayo umphakathi.
Ithi inkinga yamanzi ayibhekene noMkhanyakude kuphela kodwa yinkinga kazwelonke. Ingu-344 imizi ehlomule ngompompi abafakwe emagcekeni kuward 1 no 4 khona eManguzi. Kuphinde kwandiswa umthamo wesihlanzimanzi, kwakhiwa nesigcinamanzi esimumatha umthamo oyisigidi samanzi ngosuku esiphakela idolobha IManguzi, okubalwa isibhedlela nemizi.
ISekela- Ngqongqoshe lezaManzi neNhlanzeko, uMhlonishwa David Mahlobo lihambe emazwini eNkosi uTembe, litusa iMeya ngomsebenzi oncomekayo nezisebenzi zomkhandlu elichaze umsebenzi wazo njengoseqophelweni eliphezulu.

